Image: Mickey ArthurIkomiti eliphethe ikhilikithi e Parkistan limemezele ngolwesithathu ukuthi angeke liyivuselele inkontileka Ka Arthur ephele ngenyanga ephelile ngemuva kwendebe yomhlaba yekhilikithi eyanqotshwa ngosokhaya i England.
Lomqeqeshi ongowokuzalwa eningizimu Africa, wayefake isicelo sokwelulelwa inkontileka ngeminyaka emibili, kodwa ibhodi eliholwa ngu Ehsan Mani elimele ikhilikithi eParkistan likushaye ngesithende konke loko lamemezela ngolwesithathu ukuthi kuphelile phakathi kweParkistan no Mickey okuhlanganisa ne thimba labasizi bakhe u Grant Flower beno Azhar Manhood.
u Arthur, kubikwa ukuthi ubesenokungaboni ngaso linye nabanye abadlali nokwaholela ekutheni bakhishwe yizimbangi zabo ezinkulu kwindebe yomhlaba ka 2019.
ekhuluma nabezindaba, uArthur uthe: ” ngiphoxeke kakhulu ngesinqumo sebhodi, ngenze konke okusemandleni ukuphakamisa umdlalo wekhilikithi eParkistan. Bengisebenza ngokuzimisela futhi bengisazimisele ukwenza umsebenzi wami.”
u Mani obehola ikomiti eliphume nesinqumo sokumdedela uMickey nabasizi bakhe uthe. “Ikomiti livumelane ngokuthi sekuyisikhathi sokuba kufakwe ubuholi obusha obuzohola iqembu lesizwe lekhilikithi, sekuyisikhathi sokuqala kabusha.”
u Arthur okungenzeka amabombo awabhekise kwelamangisi ukuyoqeqesha oshampeni bendebe yomhlaba yekhilikithi ka 2019 i England, useke waqeqesha iqembu lesizwe laseNingizimu Africa kusuka ngo 2005-2010, waqeqesha iqembu lesizwe lase Australia ngo 2010, waxoshwa ngo 2013. Usesebenzenjengomqeqeshi weqembu laseParkistan kusukela maphakathi nonyaka ka 2016, wanqoba isicoco se ICC champion ngo2017.
