Bagculisekile ngokuqala kweyePSL

By:Saneliso Mlambo.
Ukuqala ngegiya eliphezulu kwemidlalo yePremier soccer league(PSL) yango 2019/20 kubuyise ithemba lokuphela kweshobolo nendlala yamagoli kubalandeli bebhola laseMzansi.

Isizini entsha yePSL ebibhekwe ngamehlo abomvu, iqale ngokusemthethweni ngomhlaka 3/4 August ngobuthaphuthaphu bamagoli angu 20 emidlalweni engu engu 7.

Okucace kakhulu kulesizini eqale ngemidlalo yemikhaya, ukunyuka kwezinga lomdlalo, ukushaywa kwamagoli kanye nentshisekelo kubadlali nokuyisizathu esishiye abalandeli bebhola lakuleli begezeke ngaphakathi.

Iningi labalandeli belingawuvali umlomo kanti abanye banikele ezinkundleni zokuxhumana ukuyozwakalisa ukujabula kwabo ngendela lemidlalo eqale ngayo.

Umlandeli osezakhele udumo ngokulandela imidlalo yebhola kuleli nongumlandeli owaziwayo weqembu leBloemfontein Celtics, uBotha Masilo, uncome kakhulu indlela nezinga imidlalo yePSL eqale ngayo.

“Ngijabule ngendlela engachazeki , sengingakusho kugcwale umlomo ukuthi lesizini kuzoba ngeyezimanga futhi kuzoqopheka umlando ebholeni laseNingizimu africa,” kusho uBotha.

“Ukukhula komdlalo kucace bha, ukuzimisela kwabadlali kubonakala umdlalo uqala uze uyophela, loko kufakazelwa nangamagoli angene kulempelasonto. Sengathi izinga lingahlala likuleliqophelo.”

Inkakha eseyabeka amakhokho ethala, uMathew Booth owayenguKapteni weqembu lesizwe iBafana Bafana waphinda wazakhela igama egijima kwiMamelodi Sundowns, ulincome kakhulu izinga lemidlalo yangempelasonto yePSL waphinda wancoma ugqozi oluboniswe abadlali basemzansi ekushayeni amagoli.

“Ngigculisekile indlela okuqale ngayo, Okungijabulise kakhulu ukubona abadlali bakuleli bebhakuzisa inethi. Lesizini ka 2019/20 ibukeka izoba nezithelo ezinhle ebholeni lasemzansi.”

“Indlela okuqale ngayo inika ithemba lokuthi kuningi futhi kukhulu okuseza kulesizini. Kuyathokozisa ukubona umdlalo webhola ukhula unyaka nonyaka nabadlali abasebancane bebonisa intshisekelo yokubeka umdlalo ezingeni eliphezulu,” kuphetha uBooth.

Emidlalweni ezoba phakathi neviki, iBidvest Wits ehleli esicongweni izovakashelwa yi Baroka ngoLwesibili, kuthi iMaritzburg United ibhekane neHighlands ngoLwesihlanu ebusuku.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top