
By:Saneliso Mlambo
Umpetha we IBO junior bantam weight uGideon “Hardcore” Buthelezi uzobuyela uzobuyela eringini ukuyovikela isicoco sakhe emqhudelwaneni wokubungaza lowo owayeyiqhawe lomzabazo nomongameli wase Ningizimu Africa uNelson Mandela.
UButhelezi osehlale isikhathi esingangonyaka engalwi, uzovikela isicoco sakhe okwesihlanu empini azoyilwa no Adrian Jemenez waseMexico e-International Convention Center e East London ngomgqibelo ntambama.
Lomqhudelwano owenzeka minyaka yonke waziwa ngele ‘Celebrating Madiba the Boxer Tournament‘.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ukuba yingxenye yalomqhudelwano wokuhlonipha ubaba uNelson Mandela. Okungijabulisa kakhulu ukuthi ngizobe ngihlonipha iqhawe laseMzansi ngento esenhliziyeni yami okuwumdlalo wesibhakela, lokhu kufike ngesikhathi esihle nami ngisabungaza inyanga yami yokuzalwa. Ngisebenza ngokukhulu ukuzikhandla futhi ngizimisele ukuqopha umlando ngalempelasonto,” kusho uButhelezi.
U ‘Hardcore’, njengoba edume kanjalo kubalandeli besibhakela, wagcina ukuvikela isicoco sakhe empini yemizuliswano engamashumi amabili ayinqoba ku Lucas Emmanuel Fernandez wase Argentina ngo July 2018.
Lompetha oneminyaka engu 33 ongowokuzalwa endaweni yase Boipatong, eGauteng, waqala isibhakela samazinga aphezulu ngo2006, uselwe izimpi ezingu 21 wanqoba ezingu 16 okubalwa nemingqimuzo yomlalisa phansi engu 4.
Useke waphatha izicoco ezahlukene okubalwa i-South African strawweight, WBO Africa strawweight, IBO strawweight, IBO junior flyweight, IBO Africa bantamweight, WBA Pan African junior bantamweight and IBO junior bantamweight aseyinqobe izikhathi ezimbili.
Lowo omcele inselelo, u Adrian Jemenez(25), usahlulwe kanye ezimpini ezingu 16, kanti usenqobe ngomgqimuzo womlalisa phansi ezimpini ezingu 13. UJemenez ongowokudabuka e Guadalajara -Jalisco, e Mexico, kuzobe kungokokuqala elwela isicoco somhlaba selokhu aqala isibhakela samazinga aphezulu ngo2011.
Kwezinye izimpi okulindeleke ukuba zidonse amehlo kulomqhudelwano, uNkosinathi Joyi noSiphamandla Baleni bazolwela isicoco se WBO Global junior flyweight eisngaphethwe muntu, umpetha we WBO intercontinental junior bantamweight uYanga Sigqibo uzovikela isicoco sakhe ku Joseph Ambo wase Philippines.
