Ubuyela eringini uTete

Image: zolani Tete

By:Saneliso Mlambo.
Useqalile ukuziqeqesha ngaphansi kweso likadokotela lowo ongumpetha wesicoco somhlaba ibantam weight uZolani “last born” Tete, ngemuva kokunyamalala amasonto ayishumi nambili ngenxa yokulimala.

UTete (31) ongowokudabuka e Eastern Cape, eMdansane, walimala ehlombe langakwesokudla ngenkathi elungiselela impi ayezobhekana kuyo no Nonito Donaire wase Philipine emqhudelwaneni omkhulukazi wesibhakela i World Boxing Super Series eyayibanjelwe e-United States ngo Mbasa kulonyaka.
Lomshayi sibhakela odume ngelika Last born, walimala sekusele izinsuku ezinhlanu ngaphambi kwempi, nokwaphoqa ukuthi ahoxe kulomqhudelwano.
“Okwenzeka kwi World boxing Super Series kwangihlukumeza kakhulu emoyeni, kwaphinde kwangiphuthisela ngengqayizivele yethuba. Lomqhudelwano ngangiwubheke ngamehlo abomvu, futhi ngangizibona sengisondele ekufezeni iphupho lami lokuba ngumpetha wezicoco ezimbili zomhlaba,” kusho uTete.
Ephawula ngokulimala kwakhe, uTete uthe;
“Ukulimala kuyingxenye yomdlalo wesibhakela. Okwenzeka kwelaseMelika sengikudlulisile futhi ngikuthatha njengesifundo esizongisiza ukuqhubekela phambili.”
“Sengiluleme ngokwanele futhi ngisebenza kanzima ukulungisela impi elandelayo,” egcizelela.
UMlandeli Thengimfene, ongumphathi ka Tete uthe;
“UZolani ungumshayisbhakela osebenza ngokuzikhandla. Usebenze kanzima ukuze asheshe alulame futhi isimo sakhe siyagculisa kakhulu.”
“Ngingakuqinisekisa ukuthi useluleme ngokuphelele futhi usebenza kanzima ukuzilungiselela impi yakhe elandelayo.”
UTete, oshaya isibhakela esinenkosi phakathi futhi ongaconsi phansi kubalandeli besibhakela, waqala ukuzibandakanya esibhakeleni esikhokhelwayo ngonyaka ka2016.
Uselwe izimpi eziwu 31, wanqoba ezingu 28, okubalwa imingqimuzo yomlalisa phansi engu 21, wahlulwa kwezintathu kuphela.
Izicoco aseke waziphatha kubalwa i- WBF flyweight, WBO Africa flyweight, IBF junior bantamweight, IBF international bantamweight, WBO bantamweight.
UTete uzovikela isicoco sakhe se bantamweight ku Riel Casimero wase Philippine ngoMandulo kulonyaka.

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top