Image: Vuyani Bungu.
By: Saneliso Mlambo
UBungu ongowokudabuka eMdansane waqala isibhakela samazinga aphezulu ngo April 1987, ngaphansi kwesandla sika Mzimasi ‘Mzi” Mnguni osekhiqize amabhokisa amaningi ngaphansi kwesitebele i Eyethu Gym eMdansane okubalwa u Welcome Ncita, Mbulelo “Slayer” Botile, Masibulele “Hawk” Makepula, kanye no Zolani “The Tiger” Petelo.
UBungu walwa impi yakhe yokuqala ekuhambeni lapho aguqisa khona u Cirilo Ramon Figueredo wase Paraguay, ePalazzetto dello Sport, Selvino ngo August 1991. Waqhubeka nokuzazakhela udumo emhlabeni wonke ngokushaya isibhakela esinenkosi phakathi eguqisa amabhokisa afana nabo Kennedy Mckinney wase USA, Jorge Lopez wase Mexico kanye no Victor Llerena waseColombia ukubala abambalwa.
