
ULodumo (27) ongakaze ehlulwe kusukela aqala isibhakela samazinga aphezulu ngo April 2010 , ungowokudabuka eMdansane e Eastern Cape. Uselwe izimpi ezingu 19, walwa ngokulingana kweyodwa, wanqoba kwezingu 18 okubalwa nemingqimuzo yomlalisa phansi engu 9.
“UMempranum uyibhokisa eselimnkantsha ubomvu kulendima. Useke wabhekana nezinkunzi ezinegalelo kulomdlalo ngingabala u Hernanez “tyson” Marques kanye no Julio Cesar Miranda. Ngiyamhlonipha kakhulu ngesipiliyoni sakhe. Ngilindele inselelo yangempela kuye, futhi ngimulindele ngamehlo abomvu. Akuningi engingakusho, okuningi ngizokubonisa ngezenzo uma sesibhekene,” kusho uLudumo.
UMepranum oneminyaka engu 32, osanda kunqoba izimpi ezintathu ngokulandelana, ungowokudabuka e Sarangani, Philippines. Eminyakeni engu 14 esesibhakeleni esikhokhelwayo, uselwe izimpi ezingu 34, wanqoba kwezinqu 26 okubalwa nesicoco somhlaba se Boxing Union junior-bantamweight asihlwitha ku Marjhun Tarbamo wasePhilippine ngo November 2015.
U 9mm, njengoba aziwa kanjalo kubalandeli besibhakela, usenqobe izicoco ezahlukene okubalwa kuzo i- African Boxing Union, South African and IBF Intercontinental junior-featherweight agcina enikela ngazo ngezizathu ezahlukene.
Kwezinye izimpi okulindeleke ukuba zidonse amehlo ngalolusuku uNontshinga uzovikela isicoco sakhe seIBF International light-flyweight kuSiyabongo Siyo, kuthi uXolisa Magusha avikele isicoco seSouth African minimumweight kuSiyakholwa Khuse.
