Image: Thabiso Mchunu.
By: Saneliso Mlambo
Umpetha waseNingizimu Afrika wesicoco se ABUne SA cruiser uThabiso “The Rock” Mchunu uthi uyicijele njengothi lomkhonto eka Willbeforce Shihepo.
UMchunu (31) ongowokudabuka e Catoridge KwaZulu-Natal, uzobhekana no Shihepo (36) waseNamibia empini yokuzwana amandla ezoba ngesonto ntambama e Time Square, Menlyn, ePretoria.
U “The Rock” olibe agcina ukulwa ngonyaka ophelile ngoDecember empini yesicoco se ABU, SA cruiser ehlula uThomas Oosthuizen, uthe uzokwenza into yamehlo uma esebhekene no Shihepo ngesonto.
“Lempi ngiyilungele, engizokwenza kuShihepo angeke ngikwazi ukukuchaza ngomlomo . Sekunesikhathi ngagcina ukuba seringini okwenza ngilulangazelele kakhulu usuku lwangesonto. Ngizosebenzisa lempi ukuthumela umlayezo oshubile nakwamanye amabhokisa engisazobhekana nawo,” kusho uMchunu.
“Noma uShihepo engekho ezingeni lami, kodwa ngiyamuhlonipha kakhulu, futhi ngiyazi ukuthi uzofika ezilungiselele. Engingakuthembisa abalandeli besibhakela baseNingizimu Afrika abakade bagcina ukungibona eringini futhi abesebeqala ukuba nemibuzo, ukuthi ngesonto ngizobabonisa into yamehlo, angeke bawuvale umlomo.”
UMchunu, useke waphatha izicoco ezahlukene okubalwa i WBA PAN African kanye nese NABF. Uselwe izimpi ezingu 25 wanqoba kwezingu 20 okubalwa nemingqimuzo yomlalisa phansi engu engu 12.
Lowo azozwana naye amandla, uShihepo, uselwe izimpi ezingu 36, wanqoba ezingu 25 okubalwa nemingqimuzo yomlalisa phansi engu 18, wahlulwa kwezingu11.
