Image: Kevin LerenaBy: Saneliso Mlambo.
Umpetha we IBO junior heavyweight ophinde abe yibhokisa elihola kakhulu eNingizimu Africa uKevin “Two guns” Lerena(27) uthi usefisa engabe sekuyilo usuku lwamanqamu lapho ezobe evikela isicoco sakhe kuSefer Seferi emqhudelwaneni we Fist of steel ozoba ngomhlaka September 21.
Lomqhudelwano ohlelwe ngabe Golden Gloves promotions, uzoba se Emperors Palace ngomgqibelo ntambama.
Lomshayi sibhakela ongaconsi phansi kubalandeli bomdlalo wamankomane, okleliswe waba ngo wesithupha yi WBC, kwathi iWBF kanye ne IBF yambeka waba ngowesihlanu, uthi uzokwenza into yamehlo uma esebhekene nalowo omcele inselelo ngempelasonto.
“Amagama angeke anele ukuchaza indlela engizizwa ngayo njengamanje. Indlela esengilangazelele ngayo lolusuku ayichazeki neze. Ngifisa engabe lempi siyiqeda namuhla.”
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuvikela isicoco sami.Sengilinde kwaze kwedlulela, indlela engilangazelele ngayo sengiyiphupha noma ngilele lempi,” kusho uLerena enezezela ngohleko.
U Two Guns, njengoba aziwa kanjalo kwezamankomane, wanqoba isicoco seIBO ngo September 2017 ehlula uYouri Kalenga ngamaphuzu. Usebe ngumpetha wezicoco ezahlukene okubalwa i WBF Africa, WBC youth kanye nePAN Africa.
Ngaphansi kwesandla sika Peter “Sniper” Smith, uLerena uzobe ebheke ukuvikela isicoco sakhe okwesihlanu ngempumelelo. Usesivikele izikhathi ezine ehlula u Dmytro Kucher, Roman Golovashchenko, Artur Mann kanye no Vasil Durcar.
ULerena ozobe ebuyela eringini okwesithathu kulonyaka, wagcina ukulwa ngoJune empini ayinqoba ku Vasil Ducar wase Czech Republic.
Lowo omcele inselelo U Sefer “The Real Deal” Seferi(40) ungowokudabuka eMarcedonia kodwa usezinse e Burgdorf eSwitzerland.
USeferi okleliswe waba ngowesi 30 umhlaba wonke, ungumakadebona osenamava aziwayo emdlalweni wesibhakela. Useke wabhekana namabhokisa asezakhele igama okubalwa lowo owayengushampeni we WBA/IBF/WBO kanye ne IBO heavyweight u Tyson Furry kanye nalowo okleliswe waba ngowe sihlanu umhlaba wonke uFirat Aslan.
Kwezinye ezizoba kulomqhudelwano kubalwa ekalowo ongumpetha we WBA uJabulani Makhense ozobhekana nompetha we IBF u Mario Matamba empini yokulwela isicoco se IBF welterweight.
